|
Ukuthuthukiswa kwezizinda
- ukuthuthukiswa kwezizinda nezinkampani zokuthuthukisa, noma
- ngokusebenza umqondo wakhe namakhono okwakha imisebenzi.
Ukwakha izakhiwo nezinkampani zokwakha, ezincane noma ezinkulu.
Ukuthuthukiswa kwezimboni
- wezimayini,
- amakhemikhali,
- izimboni ezinkulu
Ukuthuthukiswa kwemiphakathi ezindaweni ezikuzo izimboni, ezifundeni kanye nakuzwelonke gokusebenzi imisebenzi angasese kanye neyomphakathi kwezezindlu, emisebenzini yomphakathi kanye nasekuthuthukisweni kwemisebenzi engqalasizinda.
Ukubandakanyeka kunoma yimuphi umsebenzi odinga ukuhlela okunzulu, ukuhlela ngobuchwepheshe, noma ngokwezimali kanye namakhono okuqamba imisebenzi.
UMUNTU ANGANGENA KANJANI KULOMSEBENZI WOKUBA NGUMKLAMINANI?
Zimbili izindlela:
- izifundo zeziqu zeminyaka emine zokufunda ngokugcwele noma ezeminyaka emihlanu yokufunda ngasese eNyuvesi nezaziwa njenge B.Sc (QS)
- izifundo zediploma zeminyaka emithathu eTechnikon bese kudlulelwa kwiziqu ezaziwa ngele B­Tech emva konyaka wesine wokufunda
Kuwo womabili lamazinga okungena, kuzo zombili kukhona indlela ekahle yokuthuthukela phambili uze ubhaliswe ngokusemthethweni kulomsebenzi ube ngumklaminani osebenzayo.
Amanyuvesi ayisithupha namatechnikon ayisishiyagalolunye aseNingizimu Afrika anezifundo zokuba ngumklaminani. Udaba lokufundiswayo, ulwimi olusetshenziswayo kanye nezidingo zokungenela lezizifundo kungatholakala ngqo kulezo zikhungo.
BANGALINDELA UKUHOLA KANJANI ABAKLAMIMANANI?
Ukuba yilungu lomsebenzi oqeqeshelwe ­ njengokuba ngudokotela wokwelapha, umdwebi kanye neminye, umklaminani angalindela ukuhola umholo ohambisana nezinga lomsebenzi. Ukuzimisela, ugqozi kanye nokuzinikela ekuzithuthukiseni nokusebenza kanzima kuholela emvuzweni omuhle ngokwezimali.
OLUNYE ULWAZI
Olunye ulwazi lungatholakala eMkhandlwini wabaKlamimanani wase Ningizimu Afrika ngokushaya ucingo oluthi (011) 315-4140 noma ngefax ethi (011) 315-3785 noma ngokubhalela uMqondisi, ASAQS, PO Box 3527, HALFWAY HOUSE, 1685
|